Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:5 - IsiZulu 2020

5 UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo, wahlala emthunzini phansi kwalo, waze wabona ukuthi kuzokwenzekani ngomuzi.

Gade chapit la Kopi




UJona 4:5
10 Referans Kwoze  

Kwathi lapho u-Eliya elizwa wagubuzela ubuso bakhe ngengubo yakhe, waphuma, wema ekungeneni komgede. Kwase kufika kuye izwi, lathi: “Eliya, wenzani lapha na?”


Wangena lapho emgedeni, walala khona. Kwase kufika izwi likaSimakade, lathi kuye: “Eliya, wenzani lapha na?”


Ngathukuthela ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kodwa waqhubeka ehlubukela ezindleleni zenhliziyo yakhe.


Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


USimakade wathi: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka na?”


USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite