Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 2:10 - IsiZulu 2020

10 USimakade wayiyala inhlanzi ukuba imhlanze uJona, yase imkhafulela emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova wakhuluma enhlanzini, yamkhafulela uJona emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi




UJona 2:10
18 Referans Kwoze  

Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya.


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.


UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka,


UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.


UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.


UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo.


Izwi likaSimakade labuye lafika kuJona okwesibili, lathi:


Abahluphekayo bayokudla, basuthe; labo abamfunayo uSimakade, bayomdumisa. Sengathi izinhliziyo zenu zingaphila ingunaphakade.


USimakade uyakungisindisa; ngalokho siyakucula sisine zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.


Mina, Mina nginguSimakade, ngaphandle kwami akekho uMsindisi.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite