Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:7 - IsiZulu 2020

7 Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Basebesithi, ngulowo kumngane wakhe: Wozani senze inkatho, ukuze sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Benza inkatho, inkatho yawela uJona.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:7
18 Referans Kwoze  

Unkatho lwenzelwa emathangeni, kepha sonke isinqumo salo sivela kuSimakade.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Sukuma! Uweleni ngobuso emhlabathini, na?


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Esezibhubhisile izizwe eziyisikhombisa eKhanani, wababela izwe lazo, laba yifa labo.


Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho,


Behlukaniselana ngezingubo zami, benza unkatho ngesembatho sami.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Ngenyanga yokuqala, inyanga uNisani, ngonyaka we-12 wokubusa kuka-Ahasheveroshi, benza iPhure (unkatho) phambi kukaHamani, imihla ngemihla, nyanga zonke, ukuze abone ukuthi isu lakhe liyolunga, liphumelele ngayiphi inyanga nangaluphi usuku. Waqoka ukuba lokho kwenziwe ngenyanga ye-12, inyanga u-Adari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite