Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:6 - IsiZulu 2020

6 Umkhuzi wamatilosi weza kuJona, wathi: “Ungalala kanjani uhuqe ubuthongo kunje? Vuka ubize owakho uNkulunkulu, mhlawumbe angasizwa, singashabalali.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Induna yasondela kuye, yathi kuye: “Uthini wena olele ubuthongo na?” sukuma, ubize uNkulunkulu wakho, uma uNkulunkulu esikhumbula, ukuze singalahleki.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:6
18 Referans Kwoze  

Kwazi bani? Hleze uNkulunkulu angacabanga ngokunye, abe nobubele kithi, alubambe ulaka lwakhe oluvuthayo, angabe esasibhubhisa.”


Wathi kuzo: “Ngesikhathi umntwana esaphila ngazila ukudla, ngakhala, ngicabanga ukuthi ngubani owaziyo hleze uSimakade abe nomusa kimi aphile umntwana.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Nokho uPawula waphendula wathi: “Nenzani ukuba nikhale nidabukise inhliziyo yami na? Ngokuba mina sengikulungele, hhayi nje ukuboshwa kuphela, kodwa nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”


USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Yenzani lokhu, ngokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni. Ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunangaleso sikhathi esaqala ngaso ukukholwa.


kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite