Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:3 - IsiZulu 2020

3 Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha uJona wasuka ukuba abalekele eTharishishi ebusweni bukaJehova, wehlela eJopha; wathola umkhumbi owawuya eTharishishi, wakhokha imali yokugibela, wangena kuwo, ukuze ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:3
35 Referans Kwoze  

iMe Jarikhoni, iRakhoni esemngceleni obhekene neJopha.


UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.


EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.


Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni, umshuki wezikhumba.


Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.


Welelani eTharishishi, nilile, nina zakhamuzi zasogwini.


Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.


Esekuzwile lokho u-Eliya, wasuka wahamba ukuze asindise impilo yakhe, waya eBheri Sheba kwaJuda, wayishiya khona inceku yakhe.


Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


“Ngalokho, nkosi Agripha, angizange ngingawulaleli umbono wasezulwini,


“ ‘ITharishishi lalihwebelana nawe ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; behwebelana nawe ngesiliva, ngensimbi, ngethini nangomthofu.


Sabalalani nezwe lonke, nina bomuzi waseTharishishi, kuhle komfula iNayili lapho udla izindwani, ugabha imfunda.


USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade.


Thina sizogawula imithi eLebhanoni njengalokhu uyidinga, siyithumele kuwe eJopha ngolwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”


Kepha uPawula waqinisa ukuthi akufanele bahambe nalowo owabashiya ePhamfiliya, akaze ahamba nabo ukuyosebenza.


Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Iziqhingi ziyakungilindela, imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala ukuletha amadodana akho evela kude, ephethe isiliva negolide lawo, ekulethe egameni likaSimakade uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, okudumisile.


nemikhumbi yonke eTharishishi, nazo zonke izinto ezinxanelekayo.


USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Wangena lapho emgedeni, walala khona. Kwase kufika izwi likaSimakade, lathi kuye: “Eliya, wenzani lapha na?”


Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.


Nokho-ke iLida lalakhelene neJopha, ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPhethro ukhona lapho, bathumela kuye amadoda amabili, bamcela bathi: “Yiza kithi ngokushesha, ungalibali.”


Lokho kwezwakala kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.


Abantu bakhokhela ababazi bamatshe, nababazi bokhuni, nabakhi imali; banika amaSidoni nabaseThire ukudla, okuphuzwayo namafutha ukuze balande imisedari eLebhanoni, bayilethe olwandle eJopha, ngokwemvume kaKhoresi, inkosi yasePheresiya.


Abanye behlela olwandle ngemikhumbi, bahwebelana emanzini amaningi.


nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti.


Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)


“Ngakho-ke ukolo, ibhali, amafutha, newayini inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthumele kuzo izinceku zayo.


Inkosi uSolomoni yathumela imikhumbi yayo eTharishishi kanye nezinceku zikaHuramu. Kwakuthi kanye emuva kweminyaka emithathu, ifike imikhumbi yaseTharishishi ithwele igolide, isiliva, izimpondo zendlovu, izimfene, namapigogo.


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite