Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:4 - IsiZulu 2020

4 Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:4
39 Referans Kwoze  

“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kodwa akukho muntu ambukela phansi, mkhulu emandleni okuqonda.


KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


ukuze ngebandla baziswe manje ababusi nabanamandla emazulwini ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


“Ukuhlakanipha namandla kukuye, amasu nokuqonda kungokwakhe.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha kwakhe, ngokuba ukuhlakanipha kwakhe kubanzi, ukuze wazi ukuthi uNkulunkulu uzokwenza ukhohlwe yingxenye yecala lakho, ukuze kube kuhle kuwe.


Lokho bekuyoba yinduduzo kimi, bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo, ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.


Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


Ubeyakuphikisana nami yini ngamandla akhe amakhulu na? Qha, ubeyongilalela.


UNkulunkulu uyazandisa izinsuku zokuphila kwamaqhawe ngamandla akhe, uyasukuma lapho kungasekho osenethemba lokuphila.


“Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


UNkulunkulu uyayiqonda indlela yakho, uyayazi indawo yakho.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, onika ukuqonda enhliziyweni na?


Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,


Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


wathi: “Simakade, Nkulunkulu wokhokho bethu, kanti Wena awusiye yini uNkulunkulu ezulwini, nombusi wemibuso yonke yezizwe na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akekho ongamelana nawe.


bese ubhokela uNkulunkulu ngolaka, ukhulume amazwi anje ngomlomo wakho na?


Ungayifaka yini umkhala ekhaleni layo, ubhoboze umhlathi wayo ngehhuku na?


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite