Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:32 - IsiZulu 2020

32 Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngimphendule, sihlangane ndawonye ekwahlulelweni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:32
17 Referans Kwoze  

Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.


“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


“Kulokhu awukhulumanga kahle. Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.


Kepha uSimakade wathi kuSamuweli: “Ungabheki isigubo sakhe nobude bakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uSimakade engabuki njengomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kodwa uSimakade ubheka okusenhliziyweni.”


Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?


nokho uyakungicwilisa emgodini, nginengwe yizingubo zami.


Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?


Ungesabi ungangenwa ngamanzi emadololweni, nesandla sami asizukuba nzima phezu kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite