Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:3 - IsiZulu 2020

3 Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma ethanda ukuphikisana naye, akanakumphendula nelilodwa enkulungwaneni.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:3
18 Referans Kwoze  

Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunayo, futhi Yena uyakwazi konke.


Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.


Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba.


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Kungani uqagulisana naye, ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.


Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.


Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?


Ngubani ozophikisana nami na? Ngokuba uma kunjalo ngizozithulela ngize ngife.


Ngikhulumile kanye, angisayukuphendula, yebo, kabili, kepha angisaqhubeki.”


Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite