Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:17 - IsiZulu 2020

17 Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho, wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngoba uyangephula ngesiphepho futhi andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:17
24 Referans Kwoze  

Ungishaya ephindelela, ungidumela njengeqhawe.


Wayesethi uSimakade kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele yini inceku yami uJobe na? Akekho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu, ogwema okubi, osabambelele ebumsulweni bakhe noma ungibelesela ukuba ngimelane naye, ngimbhubhise engenacala.”


Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


UJesu waphendula, wathi: “Akonanga yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe imisebenzi kaNkulunkulu kuye.


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqayo akayukuwucima, aze aphumelelise ubulungiswa, bunqobe.


Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Bheka, isivunguvungu sikaSimakade esinolaka siphumile. Isivunguvungu esikhwishizayo siyakhwishiza phezu kwamakhanda ezikhohlakali.


Ubulungiswa ngizobenza umucu wokukala, ukulunga kube ngumthofu wokuqondisa, isichotho siyophephetha inqaba yamanga, amanzi akhukhule umpheme.


baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho, ubethuse ngesiphepho sakho.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Izwi likaSimakade lephula imisedari; uSimakade uphoqoza imisedari eLebhanoni.


Impela, akuyukujabha noyedwa kwabathembele kuwe; mabajabhe labo abaphambuka ngeze.


Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu.


nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.


Ngangihlezi kahle, wangiphihliza, ungibambe ngentamo, wangiphahlaza, ungimise ngaba yinkololo yakhe.


Bahlala naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, bengasho lutho kuye, ngokuba babona ukuthi wayesebuhlungwini obukhulu kakhulu.


USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Uma bengimbizile wase engiphendula, angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.


Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke, nokho uyangibhubhisa.


“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;


Uthole amathuba okumelana nami, ungishaya isitha sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite