Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:16 - IsiZulu 2020

16 Uma bengimbizile wase engiphendula, angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Uma ngimbiza, wangiphendula; nokho ngangingakholwa ukuthi ulalele izwi lami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:16
12 Referans Kwoze  

Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?”


Ngesikhathi uSimakade ekhulula uZiyoni, sasifana nabaphuphayo.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.


Ngabahleka bangakholwa, ukuchachamba kobuso bami abakuqedanga.


UGideyoni wathi kuyo: “Kodwa mnumzane, uma uSimakade enathi, kungani kwenzeke konke lokhu kithi, na? Ziphi zonke izenzo zakhe ezimangalisayo, okhokho bethu abasixoxela ngazo, bethi: ‘Akazange yini uSimakade asikhuphule eGibhithe, na?’ Kepha manje uSimakade usilahlile, wasinikela esandleni sabakwaMidiyani.”


UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.


Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula, kufanele ngicele umusa kumehluleli wami.


Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho, wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.


Khuluma, ngizophendula, noma mangikhulume, Wena ungiphendule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite