Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 8:22 - IsiZulu 2020

22 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 8:22
17 Referans Kwoze  

Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Siyakususwa ethendeni laso esilethembayo, siyiswe enkosini yengebhe.


Uma ebhujiswa endaweni yakhe, iyakumphika ithi: ‘Angikaze ngikubone.’


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.


Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”


Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyukuma; uma ebambelela kuyo, ayiyukuqina.


UJobe wayesephendula ethi:


Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’


Akazigcini izigilamkhuba ziphila, kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa.


Inkosi iyakulila, isikhulu sembathe incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuqhaqhazela. Ngiyakubaphatha njengokuziphatha kwabo, ngibehlulele ngokwemithetho yabo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”


Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.


Indlu yezikhohlakali iyabhujiswa, kepha ithende labaqotho liyachuma.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite