Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 7:16 - IsiZulu 2020

16 Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngiyanengwa; angiyikuphila njalo: ake ngime; ngoba izinsuku zami ziyize.

Gade chapit la Kopi




UJobe 7:16
22 Referans Kwoze  

“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”


Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”


Bheka kude naye, uke umyeke, aze athokoze osukwini lwakhe, njengomqashwa.


Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,


Ngimsulwa, kodwa angizazi, ngiyakuzonda ukuphila kwami.


Sengathi uNkulunkulu angangiphihliza, avule isandla sakhe, angibhubhise.


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Ngakho-ke izinsuku zabo waziqeda njengomoya, neminyaka yabo, ngokwesaba.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.


URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.


ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba.


Wakhumbula ukuthi bangabantu nje, bangumoya owedlulayo ongenakubuya.


Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite