Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:6 - IsiZulu 2020

6 Okuduma kungadliwa yini ngaphandle kukasawoti na? Kuyahlwabusa yini okumhlophe kweqanda na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Okungamnandi kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Noma kukhona ukunambitha kokumhlophe kweqanda na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:6
13 Referans Kwoze  

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Yonke iminikelo yakho yokusanhlamvu uboyiyolisa ngosawoti; ungawushiyi usawoti wesivumelwano sikaNkulunkulu wakho eminikelweni yakho yokusanhlamvu; yonke iminikelo yakho iyoba nosawoti.


“Usawoti muhle, kepha uma usawoti usuduma, uyakuyoliswa ngani na?


Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami.


Ngokuba indlebe iyawahlunga amazwi, njengalokhu ulwanga lunambitha ukudla.


“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi.


Indlebe ayiwahloli yini amazwi, nolwanga alukunambithi yini ukudla na?


Kukhona yini ukungalungi engikusho ngolimi lwami na? Ulwanga lwami alunakukwehlukanisa yini okubi na?”


Ukukhuluma okuqotho kunamandla kangakanani na? Kepha ukusolwa yinina kusiza ngani na?


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhala yini inotshani na?


Umphefumulo wami uyenqaba ukukuthinta, kungukudla okunengekayo kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite