Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 5:20 - IsiZulu 2020

20 Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi, akukhulule nasemandleni enkemba empini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Endlaleni uyakukukhulula ekufeni, nasempini emandleni enkemba.

Gade chapit la Kopi




UJobe 5:20
15 Referans Kwoze  

ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni, nokubagcina bephilile endlaleni.


Ngiyakubahlawulela yini esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlenge yini ekufeni na? Kufa, luphi ubhubhane lwakho na? Ndawo yabafileyo, kuphi ukubhubhisa kwakho na? uzwelo lufihlakele emehlweni ami.


USimakade akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha ababi ubayeka babulawe yindlala.


Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala.


Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.


UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo.


Niyakuzwa ngezimpi, namahemuhemu ezimpi. Nina ningethuki, ngokuba kumele ukuba lokhu kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.


UZedekiya, inkosi, wayeseyala ukuba uJeremiya bambeke egcekeni labalindi, bamnika nsuku zonke iqebelengwane lesinkwa elivela emgwaqweni wababhakizinkwa, kwaze kwaphela sonke isinkwa emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni labalindi.


USimakade wangijezisa kanzima, kodwa akanginikelanga ekufeni.


Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite