Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 5:15 - IsiZulu 2020

15 Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa uyasindisa ompofu enkembeni, emlonyeni wabo nasesandleni sabanamandla.

Gade chapit la Kopi




UJobe 5:15
19 Referans Kwoze  

Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Kepha owentulayo, wamtakula osizini, imindeni yabo wayenza yaba njengomhlambi.


Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli.


Simakade, uyakuzwa ukukhala kokulangazelela kwabahluphekileyo. Ubanikeza ithemba, bese ukulalela ukukhala kwabo becela usizo;


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Ukubhodla kwengonyama, nomsindo webhubesi, kuyathula, namazinyo amabhongo amabhubesi ayephuka.


Ibhubesi elinamandla liyafa ngenxa yokweswela impango, amawundlu ebhubesi ayahlakazeka.


Uyakukufihla olimini oluhlabayo, awuyukwesaba ukubhubha lapho kufika.


Ngayifahlaza imihlathi yongalungile, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


ukuze kungabusi muntu ongenankulunkulu, angabi wugibe kubantu.


Akazigcini izigilamkhuba ziphila, kepha abahluphekayo ubenzela ubulungiswa.


Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


Ukukhanya kugodliwe ezikhohlakalini, kwaqedwa nobudlova bazo.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


UNkulunkulu wenza ukuba uDaniyeli athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite