Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:9 - IsiZulu 2020

9 U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengalokho uJehova ebayalile; uJehova futhi wamamukela uJobe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:9
16 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


“Ngase ngithumela kuwe khona manjalo; wenze kahle-ke wafika. Manje sesilapha sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Unina wayesethi ezincekwini: “Yenzani noma yini azakunitshela yona.”


Amadodana alabo abakuhluphileyo ayoza kuwe ekhokhoba, ekuhlonipha, nabo bonke abakwedelelayo bayokhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi nguMuzi kaSimakade neZiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje.


Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.


USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.


Noma ngabe bekukhona kulo lawa madoda amathathu: uNowa, uDaniyeli noJobe, bona bebeyakuyisindisa impilo yabo ngenxa yokulunga kwabo, kusho iNkosi uSimakade.


U-Abhrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamelapha u-Abhimeleki, umkakhe nezigqila, wabuye wabavula izibeletho,


Umuntu ongemsulwa uyakumhlenga naye, uyakumhlenga ngobumsulwa bezandla zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite