Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:16 - IsiZulu 2020

16 Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngemva kwalokho uJobe waphila iminyaka eyikhulu namashumi amane, futhi wabona amadodana akhe namadodana akhe, izizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:16
13 Referans Kwoze  

Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.


ubone abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa.


UJosefa wafa eseqede iminyaka eyi-110, abantu bamgqumisa ngemithi, wayesefakwa ebhokisini lomngcwabo eGibhithe.


UJakobe wahlala eGibhithe iminyaka eyi-17. Izinsuku zikaJakobe neminyaka yokuphila kwakhe emhlabeni kwaba yi-147.


Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Abhrahama yayiyi-175.


Kwathi emveni kwazo zonke lezo zinto uJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110.


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


UMose wafa eseneminyaka eyi-120, kodwa iso lakhe lalingakafiphali namandla akhe engakanciphi.


Iminyaka yokuphila ka-Isaka yaba yi-180 isiyonke.


UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.


Akufunyanwanga ezweni lonke abesifazane ababebahle njengamadodakazi kaJobe. Uyise wawabela ifa phakathi kwabafowabo.


UJobe wafa esemdala, esenelisekile yizinsuku zokuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite