Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 41:10 - IsiZulu 2020

10 Akekho onesibindi sokuba angayivusa. Pho ngubani ongema phambi kwayo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Akakho onesibindi sokumvusa. Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Akakho onesihluku esingaba nesibindi sokumvusa; pho, ngubani ongema phambi kwami?

Gade chapit la Kopi




UJobe 41:10
13 Referans Kwoze  

Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


“Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku, labo abalungele ukuvusa uLeviyathani.


Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”


UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?


Ithemba lakho lokuyibamba liyimbude, bonke baqumbeka phansi uma beyibona.


“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”


Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”


Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite