Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:2 - IsiZulu 2020

2 “Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ophikisana noSomandla angamfundisa na? osola uNkulunkulu makaphendule.

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:2
35 Referans Kwoze  

Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi, ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKhristu.


Welulekana nobani waze wamnika ukuqonda, wamfundisa indlela yobulungiswa, wamnika indlela yokwazi, wamazisa indlela yokuqonda na?


Kungani uqagulisana naye, ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.


“Kuthe seziwemukela zakhononda kumninindlu,


Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.


“Kungani nisho lesi saga kwa-Israyeli, esithi: “ ‘Oyise badla amagilebhisi amuncu, amazinyo abantwana aba buthuntu,’ na?


“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;


Uma efuna ukuthetha icala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?


“Kungani ukukhanya kunikwa ososizini, nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni,


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Osekwake kwaba khona sekwaqanjwa igama, kuyaziwa ukuthi umuntu uyokuba yini, nokuthi akakwazi ukuphikisana nalowo onamandla kunaye.


Usungiphendukele, waba nonya kimi; uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho.


Ngilulwandle yini, noma inkanyamba yolwandle, uze ungibekele abalindi na?


Ngiyakuthi kuNkulunkulu: ‘Ungangilahli njengonecala, kodwa ngazise; kuyini ongiphikisa ngakho na?


Kepha ngizokhuluma kuSomandla, ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.


Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe, umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.


Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!


USimakade waqhubeka wamphendula uJobe, wathi:


UJobe wamphendula uSimakade, wathi:


Ngakucupha, wabanjwa, Bhabhele, ungakazi ngalokho; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


Bopha ukhalo lwakho njengendoda, ngizokubuza, wena ungazise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite