Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:11 - IsiZulu 2020

11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lahla ukufutheka kwentukuthelo yakho, ubuke bonke abazidlayo, ubathobe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:11
34 Referans Kwoze  

Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.”


“Ngithi kini: lo wabuyela ekhaya elungisisiwe kunomFarisi. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo, uzakuthotshiswa; kodwa ozithobayo, uzakuphakanyiswa.”


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.


Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.


Imibani mayinyazime, ubahlakaze, thumela imicibisholo yakho, ubaphithizise.


Uyakumphephula ungamhawukeli, athi galo yephuka ebalekela amandla awo.


UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.


bokuthi omubi uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele, nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?


Ngiyakukwehlisa esikhundleni sakho, ngikukhiphe emsebenzini wakho, ngikuqumbe phansi.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Noma bephakamisa izandla zabo, bephakathi kwayo njengababhukudayo, bevula izandla zabo bebhukuda, ukuphakama kwabo kuyothotshiswa naphezu kokuba begwedla kangaka ngezandla zabo.


Uyothobisa abakhe endaweni ephakemeyo, umuzi ophakemeyo uwubhidliza awuthele othulini.


Sizwile ngokuzidla okukhulu kakhulu, kukaMowabi; ukuziphakamisa kwakhe, ukuzithwala kwakhe, ukuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


Nansi-ke incazelo, nkosi: yisimemezelo soPhezukonke esehlele inkosi yami, inkosi,


Kepha ngesikhukhula esiqongile uyakushabalalisa indawo yakhona, izitha zakhe azixoshele ebumnyameni.


Yena ogudluza izintaba, zingazi, Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite