Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngomoya kaNkulunkulu bayabhubha, nangomoya wamakhala akhe bayaphela.

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:9
13 Referans Kwoze  

Akayukusuka ebumnyameni, ilangabi liyakubunisa amagatsha akhe, apheshulwe ngukuphefumula komlomo wakhe.


Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.


Ngakho-ke phendukani, uma kungenjalo, ngizoza kini ngokuphazima kweso, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.


Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.


Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni efihlakeleyo.


kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.”


Bheka, ngizothumela kuye umoya, uyakuzwa umbiko, bese ebuyela ezweni lakubo, ngimwise khona ngenkemba.” ’ ”


Uphephethe ngomoya wakho, ulwandle lwabemboza, bacwila njengomthofu emanzini anamandla.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.


Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.


Utshani buyabuna, imbali iyavuthuluka, ngokuba uMoya kaSimakade uyakuphephetha. Impela abantu bangutshani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite