Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:3 - IsiZulu 2020

3 Yebo, ubafundisile abaningi, waqinisa izandla ezintekenteke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bheka, ufundisile abaningi, waqinisa izandla ezibuthakathaka.

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:3
21 Referans Kwoze  

Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo.


Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.


Benginganikhuthaza ngomlomo, induduzo yezindebe zami idambise izinhlungu zenu.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa.


Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.


INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.


Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.


Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.


Amazwi akho aphakamisa okhubekayo, aqinisa amadolo antekenteke naxegayo.


Indlebe engizwayo, yayithi ngibusisiwe, neso elingibonayo lingifakazela,


Ngaba ngamehlo abayizimpumputhe nezinyawo zabayizinyonga.


Ngaba nguyise wabantulayo, ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.


“Abantu bebengilalela, balinde, bathule cwaka, balalele iseluleko sami.


Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite