Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:21 - IsiZulu 2020

21 Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ubuhle babo obukubo abusuki na? bayafa bengenakuhlakanipha.

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:21
15 Referans Kwoze  

Kepha uma bengalaleli, bayobhubha ngenkemba, bafe bengenalwazi.


Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”


Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunise utshani, imbali ekubo ivuthuke, nobuhle bokubukeka kwayo bunyamalale; kanjalo-ke nesicebi siyakushabalala ezindleleni zaso.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


“Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,


Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo, ngokuba bayini nje nempela?


Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda, unjengezilwane ezibhubhayo.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela


Impela lezi yizindlu zowenza okubi, impela lena yindawo yongamazi uNkulunkulu.”


Siyakufa ngenxa yokweswela ukuyalwa, nangenxa yobukhulu bobuwula baso, siyoduka.


Akusibo abadala abahlakaniphileyo, nabaqonda okulungile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite