Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 4:17 - IsiZulu 2020

17 ‘Umuntu angalunga yini kunoNkulunkulu na? Umuntu uhlambulukile yini kunoMenzi wakhe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 4:17
25 Referans Kwoze  

“Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na?


Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?


Impela emhlabeni akekho umuntu owenza okulungile kodwa, ongoni ngalutho.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Kwakukhona nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo sinamaphiko ayisithupha. Nhlangothi zonke nangaphakathi zigcwele amehlo, zingakhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uSomandla owayekhona nokhona nozayo.”


Maye, muntu ndini! Ungubani-ke wena ukuba uqagulisane noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kumbumbi ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


“Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi ayelapheki; ngubani ongayiqonda na?


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?


Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.


“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’


Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Ngubani ongaveza okuhlanzekile kokungcolile na? Akekho noyedwa.


Ngabe uNkulunkulu uyabuhlanekezela ubulungiswa, uSomandla aphendukezele ukulunga na?


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Kwema kwathi phuhle, kodwa angikwazanga ukubona isimo sakho. Kwakumi okuthile phambi kwami, ngezwa ukunyenyeza nezwi, lithi:


Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?


ngokuba angikwazi ukuthopha; kungenjalo, uMenzi wami angangibhubhisa masinyane.”


Ngizolulanda kude ulwazi lwami, ngikunike uMenzi wami ukulunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite