Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 38:8 - IsiZulu 2020

8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezivalo, lapho luqhibuka, luphuma esiswini,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngubani owavala ulwandle ngezicabha ekugqabhukeni kwalo, kungathi luphuma esizalweni na?

Gade chapit la Kopi




UJobe 38:8
13 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,


Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.


nalapho ngilumisela umngcele walo, ngimisa imigoqo nezicabha,


UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo.


Ngesikhathi enika umoya isisindo sawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso zawo,


ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,


Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngesikalo namagquma ngezisindo, na?


Labo bayibona imisebenzi kaSimakade nezimangaliso zakhe ekujuleni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite