Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 38:6 - IsiZulu 2020

6 Zabekwa phezu kwani izisekelo zawo na? Labekwa ngubani itshe lawo legumbi,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izisekelo zawo zimi phezu kwani? noma owabeka itshe lalo legumbi;

Gade chapit la Kopi




UJobe 38:6
13 Referans Kwoze  

Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni.


Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.


Itshe abalinqabayo abakhi, selaba yinhloko yegumbi.


USimakade uyiNkosi, wembethe ubukhosi, uSimakade uvunule, ubhince amandla. Izwe ulimise laqina, alinakunyakaziswa.


Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo, afane nezithombo ezikhule kahle, amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona eziqoshelwe ukwakha isigodlo.


ngokuba nguye owawumisa phezu kwezilwandle, wawusekela phezu kwemifula.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite