Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 38:22 - IsiZulu 2020

22 “Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ungenile yini engcebeni yeqhwa? noma usubonile ingcebo yesichotho,

Gade chapit la Kopi




UJobe 38:22
13 Referans Kwoze  

Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.


emnyama ngenxa yeqhwa, lapho ungqoqwane uzinqwabela kuyo.


Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.


Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla.


Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi na?


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Batshele abagudula ngomcako ukuthi luyakuwa ugange. Kuyakuna imvula enkulu enezikhukhula, nina matshe esichotho niyakuwa, nomoya wesivunguvungu ulubhidlize.”


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakudedela isivunguvungu ngentukuthelo yami, nemvula enezikhukhula ngolaka lwami, kwehle isichotho ngolaka oluqothulayo.


Wendlala iqhwa njengoboya, asakaze isithwathwa njengomlotha.


Wehlisa isichotho njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite