Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 37:19 - IsiZulu 2020

19 Sifundise esiyakukusho kuye, asinakulubeka udaba lwethu, ngenxa yokuthi sidukuza oswini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Sifundise esizakukusho kuye; ngoba kasikwazi ukulawula inkulumo yethu ngenxa yobumnyama.

Gade chapit la Kopi




UJobe 37:19
17 Referans Kwoze  

Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho.


ngaba yisiphukuphuku, angaze ngazi lutho, ngaba yisilwane kuwe.


Ngubani ofihla iseluleko engenalwazi na? Ngikukhulumile lokho engingakuqondiyo, izinto ezinkulu kunami engingazaziyo.


“Ngubani lo ofiphaza iseluleko ngamazwi angenalwazi na?


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Ake nilalele ukuqagulisana kwami, nizwe isikhalo sezindebe zami.


Kepha ngizokhuluma kuSomandla, ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.


Kepha nami nginengqondo njengani, aningedluli ngalutho. Ngubani ongazazi izinto ezinjengalezi na?


Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu, ngokuba asikwazi esifanele ukukucela, kodwa uMoya uqobo uyasinxusela ngokububula okungakhulumeki ngamazwi.


Pho mina ngingamphendula ngithini, ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?


Angatshelwa yini uNkulunkulu ukuthi ngizokhuluma na? Ukhona yini ongathi ufuna ukubhujiswa na?


“Bheka, angiyinto yalutho, ngingakuphendula ngithini na? Kungcono ngibeke isandla sami emlonyeni, ngithule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite