Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 37:14 - IsiZulu 2020

14 “Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lalela lokhu, Jobe, yima ucabange izimangaliso zikaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 37:14
14 Referans Kwoze  

Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.


Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.


noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa, noma umhlaba wakhe, noma ngothando, uyakuvumela ukuba kwenzeke.


Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwashayela kanjani umthetho, enze unyazi lwakhe lubanize emafini na?


Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,


Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite