Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:29 - IsiZulu 2020

29 Ukhona yini ongakuqonda ukuthi amafu uweneke kanjani, nokuduma kwedokodo lakhe na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ukhona yini ongaqonda ukwendlaleka kwamafu noma umsindo wetabernakele lakhe?

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:29
19 Referans Kwoze  

Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,


Izintaba zikubona qede ziyobayobe; isikhukhula siyadlula; izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo, ziphakamisele phezulu izandla zazo.


USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe.


Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.


Ubeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, wenza amafu abe yinqola yakhe, uhamba ngamaphiko omoya,


USimakade uyaduma esibhakabhakeni; Ophezukonke uyabhodla, wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo.


Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, athulule izimvaba zamanzi zasezulwini,


ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Wenza ubumnyama bube ngamadokodo amphahlayo, amanzi aqoqane, amafu abe nzima yimvula.


Amafu uwenza aconse, awathululele phezu kwabantu abaningi.


Umbani wakhe uyawusabalalisa umzungeze, amboze izisekelo zolwandle.


Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama, awendlale amafu onyazi lwakhe,


NguYena ohleli esiyingelezini somhlaba, abakhileyo kuwo banjengezintethe; nguyena oweneka izulu njengekhethini, alendlale njengethende ukuba kuhlalwe kulo;


lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lwezulu indlela,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite