Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:27 - IsiZulu 2020

27 “Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 “Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ngokuba wenza amathonsi amanzi abe mancane; bathele imvula njengenkungu yayo;

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:27
19 Referans Kwoze  

osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,


“Ungamemeza yini kuze kuzwakale emafini, ukuze izikhukhula zikusibekele na?


Ukuduma kwawo kulanda ngaye, isiphepho sibikezela ngolaka lwakhe.”


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Yena onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi ebusweni bomhlaba,


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi, ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.


Amafu uwenza aconse, awathululele phezu kwabantu abaningi.


Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.


Yebo, ugcwalisa amafu ngomswakama, awendlale amafu onyazi lwakhe,


Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.


lapho enzela imvula isimiso, nonyazi lwezulu indlela,


Ngokwazi kwakhe izinzulu zaqhekezwa, amafu aconsa amazolo.


Celani imvula kuSimakade ngenkathi yayo entwasahlobo. USimakade uhlomisa izulu, anise imvula; aphe kube yilowo nalowo okudliwayo kwasendle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite