Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:24 - IsiZulu 2020

24 Khumbula ukudumisa imisebenzi yakhe abahlabelela ngayo abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Khumbula ukuthi ukhulisa umsebenzi wakhe obonwa ngabantu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:24
26 Referans Kwoze  

Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Wayesethi uMariya: “Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi,


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguYena kuphela owenza izimangaliso.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Maye, zinkulu kangakanani izibonakaliso zakhe! Maye, zinamandla izimangaliso zakhe! Umbuso wakhe ngumbuso ongunaphakade, nokubusa kwakhe kungokwezizukulwane ngezizukulwane.


Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


Mawahlabelele ngezindlela zikaSimakade, ngokuba inkulu inkazimulo kaSimakade.


imiswe ngeqiniso nangobuqotho, ukuba ime ingunaphakade.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho, ngithabele umusa wakho ekuseni, ngokuba uyinqaba yami nesiphephelo sami ngosuku lokuhlupheka kwami.


Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.


Ngokuba abayinaki imisebenzi kaSimakade, nokwenziwe yizandla zakhe. Uyobadiliza, angabe esabakha kabusha.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.


UDebhora noBharaki, indodana ka-Abhinowami, bacula ngalolo lusuku, bathi:


Mhlabeleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.


Bonke abantu bayibonile, bonke bayibukela kude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite