Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:21 - IsiZulu 2020

21 Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Qaphela, unganaki ububi, ngokuba ukukhethile kunosizi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:21
18 Referans Kwoze  

kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni,


Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.


Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi.


UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Ngakho-ke khuluma kuwo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli, ofaka izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, nobeka isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eza kumphrofethi, Mina Simakade ngiyakumphendula ngobuningi bezithombe zakhe,


uthi: ‘Kungisiza ngani na?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni ebengingayizuza uma bengingonanga na?’


Uma beboshwa ngamaketango, babanjwe yizintambo zokuhlupheka,


Uyazivula izindlebe zabo ukuze zizwe ukuyalwa, abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo.


Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


“Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite