Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 36:10 - IsiZulu 2020

10 Uyazivula izindlebe zabo ukuze zizwe ukuyalwa, abayale ukuba baphenduke eziphambekweni zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi uvula izindlebe zabo ekulayweni futhi uyabalaya ukuthi baphenduke ebubini.

Gade chapit la Kopi




UJobe 36:10
24 Referans Kwoze  

Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Ukhulula ompofu ngobuphofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho okufundise okukusizayo, nokuholile ngendlela okumele uhambe ngayo.


Nokho uSimakade wayemxwayisile u-Israyeli noJuda ngomlomo wabo bonke abaphrofethi nababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami, nenze wonke umthetho engabayala ngawo okhokho benu, nengawuthumela kini ngomlomo wezinceku zami, abaphrofethi.”


Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.


Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


Owesifazane othile, ogama lakhe linguLidiya, wasemzini waseThiyathira, othengisa ezibukhwebezane, okhonza uNkulunkulu, walalela. INkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba alalelisise lokho okwakukhulunywa nguPawula.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.


Qaphela, ungaphendukeli ebubini, ngokuba ngalokho uyobe uzikhethele usizi.


kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.


Ngathi: ‘Impela uyakungesaba, ukwemukele ukuyalwa.’ Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa, kungenzeki konke engiwunqumele khona. Kodwa noma kunjalo, bavuka ekuseni benze inkohlakalo ngazo zonke izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite