Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 35:9 - IsiZulu 2020

9 “Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo; bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngenxa yobuningi bezinsizi babiza abacindezelwe; bakhala ngengalo yamaqhawe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 35:9
20 Referans Kwoze  

Sekwedlule izinsuku eziningi, inkosi yaseGibhithe yakhothama. Abantu bakwa-Israyeli babubula ngenxa yokucindezelwa, bakhala benxusa, ukukhala kwabo kwafinyelela kuNkulunkulu.


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Nqamula imisipha yengalo yesonakali, ujezise ababi ngenkohlakalo yabo, iphele ingabe isaphushwa nakuphushwa!


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu.


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.


Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite