Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 35:13 - IsiZulu 2020

13 Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize, uSomandla akakugqizi qakala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Impela uNkulunkulu akezwa okuyize, uSomandla akayikukunakekela;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngempela uNkulunkulu kayikuzwa okuyize, njalo uSomandla kayikunanzelela.

Gade chapit la Kopi




UJobe 35:13
20 Referans Kwoze  

USimakade ukude nezikhohlakali, kodwa uyayizwa imikhuleko yabalungileyo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu.


Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


“Ngikhala kuwe, kodwa awungiphenduli, ngimi lapha, kepha awunginaki.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Makangethembi okuyize, azikhohlise ngokuyize, ngokuba ize liyakuba ngumvuzo wakhe.


Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.


Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayukungizwa iNkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite