Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:29 - IsiZulu 2020

29 Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Lapho yena ethula, ngubani ongalahla, nalapho ethukusa ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa ngokufananayo, noma kuyisizwe noma kungumuntu,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:29
26 Referans Kwoze  

Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


“Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.


Ungabufihli ubuso bakho kimi. Ungayixoshi inceku yakho ngentukuthelo; Wena uwusizo lwami, uze ungangilahli, ungangishiyi, Nkulunkulu wensindiso yami.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.


Kuyakuthi isizwe nombuso okungayukumkhonza uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, okungayibekanga intamo yakho phansi kwejoka lakhe, leso sizwe ngiyosijezisa ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane, ngisiqede ngesandla sakhe, kusho uSimakade.


Simakade, shesha ungiphendule, umphefumulo wami udangele, ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Simakade ngomusa wakho, wangenza nganjengentaba eqinileyo. Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala.


Simakade, kuyoze kube nini ungikhohliwe unomphela na? Kuyoze kube nini ungifihlela ubuso bakho na?


Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.


Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,


Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


ukuze kungabusi muntu ongenankulunkulu, angabi wugibe kubantu.


Umenza aphumule ezinsukwini ezimbi, aze ambele umgodi lowo ongenamthetho.


USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”


kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu.


Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.


Othethisa abezizwe, Yena ofundisa abantu ukwazi, kanakujezisa na?


Ngiyakuzelusela Mina izimvu zami, ngizenze zibuthise,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite