Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:28 - IsiZulu 2020

28 Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ukuze bavumele ukukhala kompofu kufike kuye, futhi ezwe ukukhala kwabalusizi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:28
21 Referans Kwoze  

Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


“Ngenxa yokwanda kokucindezelwa, abantu bayakhononda, bayakhala, banxusa ukusizwa esandleni esinamandla.


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Kusukela emzini kububula abafayo, amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo, kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.


uma uhlambulukile, uqotho, Yena uyokubheka, akubuyisele endaweni yakho efaneleyo.


Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ufeze izithembiso zakho.


khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.


Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,


Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”


Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane.


Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite