Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:22 - IsiZulu 2020

22 Abukho ubumnyama, nesigayegaye asikho, lapho abenza inkohlakalo bengacasha khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abukho ubumnyama nethunzi lokufa lapho abenzi bobubi bengacasha khona.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:22
24 Referans Kwoze  

Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Indlela kaSimakade iyinqaba koqotho, kodwa ukubhujiswa kumiselwe izikhohlakali.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni lokho okufihlakeleyo kobumnyama, izidalule izizindlo zezinhliziyo; kulapho-ke yilowo nalowo eyakuthola khona ukubongwa kuNkulunkulu.


“Kepha yena uyakuthi: ‘Ngithi kini: anginazi ukuthi nivela kuphi. Sukani kimi nina nonke, benzi bobubi.’ ”


Khona ngiyakubatshela emehlweni, ngithi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


Manje kwabafihlela uSimakade amasu abo, abazenzo zabo zisebumnyameni, abathi: “Ngubani osibonayo? Ngubani osaziyo na?”


Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.


Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi.


Inhlekelele ayehleli yini abangalungile, nengozi izikhohlakali na?


Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.


Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule


ngaphambi kokuba ngihambe, ngingaphinde ngibuye, ngiye ezweni lobumnyama nesigayegaye,


Kepha amehlo ezikhohlakali ayakufiphala; ayiyukuba bikho nendawo yokuphephela; ithemba lazo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na?


Wena wakwenza lokhu ekusithekeni, kodwa Mina ngizokwenza lokhu phambi kuka-Israyeli wonke emini kwabha!’ ”


uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami.


Wembula izinto ezijulileyo ebumnyameni, aveze obala izinto ezisebumnyameni obukhulu.


Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na? Angehlulela yini engale kwesigayegaye na?


Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite