Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:21 - IsiZulu 2020

21 “Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba amehlo akhe aphezu kwezindlela zomuntu, futhi ubona zonke izindlela zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:21
18 Referans Kwoze  

Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?


Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


Ngihlole, Nkulunkulu, uyazi inhliziyo yami; ngilinge, uyazi imicabango yami,


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Bhekani-ke, amehlo eNkosi uSimakade awubhekile umbuso owonayo; ngiyakuwuqenda nya ebusweni bomhlaba, nakuba ngingeke ngiyishabalalise ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” kusho uSimakade.


Unawo yini amehlo enyama na? Uyabona yini njengabantu na?


Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?


Lokhu kuyakuba yinsindiso yami, ukuthi ongenaNkulunkulu akayukuza phambi kwakhe.


ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami, awuyukusinaka isono sami.


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


nguYena owadala izinhliziyo zabo bonke; oqaphela zonke izenzo zabo.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite