Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 34:19 - IsiZulu 2020

19 ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 ongakhethi ubuso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu, na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 34:19
28 Referans Kwoze  

Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


UPhethro wayesethatha ekhuluma, ethi: “Impela kuyangicacela ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bomuntu,


Ngokuba lowo owenza okungalungile, uyakuvuna ukungalungi akwenzileyo, ngokuba akukho ukwenzelela kuyo.


Ngokuba uNkulunkulu akenzeleli.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.


Ngakho-ke hlalani nimesaba uSimakade, niqaphele enikwenzayo, ngokuba akukho ukungalungi kuSimakade uNkulunkulu wethu, akakhethi buso bamuntu futhi akafunjathiswa.”


Kodwa kulabo abacabanga ukuthi bawutho, nokuthi babe yini, kwakungelutho lokho kimi, ngokuba uNkulunkulu akakhethi buso bamuntu, ngokuba kimi labo abazibona beqavile, abanezelelanga lutho.


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Ocindezela ompofu usola uMenzi wakhe, kodwa onomusa kontulayo uhlonipha uMenzi wakhe.


Yena owangibumba esiswini, akusiye yini owabenza nabo na? Akamunye yini owasibumba esizalweni na?


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Abacebile nabampofu bayefana; bonke benziwe nguSimakade.


Ngakho-ke njengalokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibambelele emseni, simkhonze uNkulunkulu ngendlela efaneleyo; ngokumthokozisa, ngokumhlonipha nangokuthuthumela,


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


Ukuceba kwakho, nayo yonke imizamo yezikhwepha zakho, kungakusiza yini ukuba ungabi sosizini na?


Niyobuvuna yini ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu na?


Uthela izikhulu ngehlazo, athukulule amabhande abanamandla.


Ugodukisa abaphristi bengenalutho, athele phansi othulini izikhulu.


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?


Izinto zezwe ezibukelwa phansi, izinto ezidelelwayo, nezinto ezingekho, uNkulunkulu wazikhetha, ukuba achithe ngazo ezikhona,


Impela uyakunisola uma niyokwenzelela ngasese.


Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,


othi enkosini: ‘Awuyinto yalutho,’ nasezikhulwini athi: ‘Niyizikhohlakali,’


Ocebileyo akayukunikela eqise, kanjalo nompofu akayukunikela kancane kunengxenye yeshekeli lapho niletha lo mnikelo kuSimakade ukuze nihlawulele ukuphila kwenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite