Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 33:6 - IsiZulu 2020

6 Bheka, phambi kukaNkulunkulu ngifana nawe nje, nami ngibunjwe ngodongwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu: ngibunjiwe nami ngebumba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Bheka, ngisesikhundleni sikaNkulunkulu njengokufisa kwakho; nami ngabunjwa ngobumba.

Gade chapit la Kopi




UJobe 33:6
15 Referans Kwoze  

Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na?


Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.


Ngabe ukhona yini ongilaleleyo na? Nantu uphawu lwami, uSomandla makangiphendule. Sengathi ngabe nginencwadi yecala ayilobileyo omelana nami!


Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.


Izikhumbuzo zenu ziyizaga zomlotha, nezivikelo zenu ziyizivikelo zobumba.


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


Nguye ozokukhulumela kubantu; uyakuba ngumlomo wakho, wena ufane nonkulunkulu kuye.


UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Kepha ngizokhuluma kuSomandla, ngifisa ukuqagulisana noNkulunkulu.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite