Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 33:24 - IsiZulu 2020

24 uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi: ‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi: ‘Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngemva kwalokho waba lesihawu kuye, wathi: “Mkhulule ekwehleleni egodini; ngithole inhlawulo.”

Gade chapit la Kopi




UJobe 33:24
29 Referans Kwoze  

njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


Umphefumulo wakhe awuphephise egodini, nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.


owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo.


Kodwa wena-ke, ngenxa yegazi lesivumelwano sami nawe, ngiyakubakhulula abakini ababoshiweyo emgodini ongenamanzi.


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


“Mawubuyisane noNkulunkulu, ukuze ube nokuthula; ngaleyo ndlela, okuhle kuyakufika kuwe.


USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


ngokuba umusa wakho phezu kwami mkhulu, ukhulule umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa, odakeni olubishayo, izinyawo zami wazibeka edwaleni, wavikela izinyathelo zami.


Okhokho bethu bethembela kuwe; bakwethemba, Wena wabakhulula.


Qaphela ingcebo, ingakuyengi, ungachezukiswa ngubukhulu bokufunjathiswayo.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


isikhumba sakhe sibe njengesomntwana, abuyele emihleni yobusha bakhe,


Uwuhlengile umphefumulo wami, awaze wedlulela egodini; impilo yami izokubona ukukhanya.’


Wathumela izwi lakhe, wabaphilisa, wabahlenga emathuneni abo.


Yebo, yahlatshwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sethu saba phezu kwayo, ukuze sibe nokuthula; nangemivimbo yayo, siphilisiwe thina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite