Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 33:17 - IsiZulu 2020

17 ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe, ashabalalise ukuzidla kumuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe, anqume ukuzidla kumuntu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 ukuze asuse umuntu enjongweni yakhe futhi afihlele umuntu ukuzigqaja.

Gade chapit la Kopi




UJobe 33:17
16 Referans Kwoze  

Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.


ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.


Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Izinsuku zami seziphelile, amasu ami asechithiwe, nezifiso zenhliziyo yami.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.


Ngakho-ke bhekani, ngizoyivala indlela yakho, ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela nendlela yakhe angayitholi.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe,


Umphefumulo wakhe awuphephise egodini, nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Ngokuba yonke into inesikhathi sayo esiyifanele, nendlela yokuyenza, nanxa inhlupheko yomuntu inzima emahlombe akhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite