Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 32:21 - IsiZulu 2020

21 Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Mangingakhethi ubuso bamuntu, futhi ngingavumi ukuthopha umuntu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 32:21
18 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Niyobuvuna yini ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu na?


Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.


Impela uyakunisola uma niyokwenzelela ngasese.


UJowabe, inceku yakho, lokho ukwenzile ukuba aguqule isimo sezinto; inkosi yami ihlakaniphile njengokuhlakanipha kwengelosi kaNkulunkulu, ukwazi konke okusemhlabeni.”


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’


Mangikhulume ukuze ngikhululeke, mangivule izindebe zami, ukuze ngiphendule.


ngokuba angikwazi ukuthopha; kungenjalo, uMenzi wami angangibhubhisa masinyane.”


Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.


Kuyoze kube nini nehlulela ngokungalungile, nenzelela izikhohlakali na? Sela


Osola umuntu uyakuthola ngasemuva isisa kunothopha ngolimi lwakhe.


“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite