Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 32:2 - IsiZulu 2020

2 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lwavutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarageli, umBushi, owesizwe sikaRamu; ulaka lwakhe lwamvuthela uJobe, ngokuba wayezilungisile kunoNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UJobe 32:2
18 Referans Kwoze  

u-Uzi izibulo, uBhuzi umfowabo, uKhemuweli, uyise ka-Aramu,


Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?


“Ucabanga ukuthi lokhu kulungile yini na? Uthi: ‘Mina ngilungile phambi kukaNkulunkulu,’


Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Kepha sona sithanda ukuzithetha, sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile, izinhlamba zabakuthukayo zehlele phezu kwami.


Usungiphendukele, waba nonya kimi; uyangihlukumeza ngamandla esandla sakho.


“Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


Wabathukuthelela nabangani bakaJobe abathathu, ngoba babengavelanga nampendulo, nakuba uJobe babemlahla ngecala.


Ngokuba iziphambeko zakho zifundisa umlomo wakho; ukhetha ukukhuluma kwamaqili.


Ububi bakho abubukhulu yini na? Izono zakho azinakuphela.


“Impela ukhulumile, ngizizwela ngezami izindlebe, ngawezwa amazwi owashilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite