Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 31:7 - IsiZulu 2020

7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma izinyathelo zami zachezuka endleleni, nenhliziyo yami ilandela amehlo ami, noma ibala linamathele ezandleni zami;

Gade chapit la Kopi




UJobe 31:7
16 Referans Kwoze  

Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.


“ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha.


“Ndodana yomuntu, lawa madoda azifake ezinhliziyweni izithombe zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kwawo. Imbala ngingawavumela yini nempela ukuba azobuza kimi na?


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Noma ngingageza ngamanzi eqhwa, ngihlanze izandla zami ngensipho,


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.


Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


uma ngiphindise ngokubi kohlalisene ngokuthula nami, ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite