Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 31:4 - IsiZulu 2020

4 Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kayiboni yini izindlela zami, abale zonke izinyathelo zami?

Gade chapit la Kopi




UJobe 31:4
19 Referans Kwoze  

“Ngokuba amehlo akhe asezindleleni zabo bonke, uzibona zonke izinyathelo zabo.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.


ngalokhu awuyukuzibala izinyathelo zami, awuyukusinaka isono sami.


Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Ngokuba amehlo ami ayazibona zonke izindlela zabo; azisithekile ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


UNathaniyeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngaphambi kokuba uFiliphu akubize phansi komkhiwane, ngakubona.”


ngeke yini uNkulunkulu azi ngalokho na? Ngokuba Yena wazi izimfihlo ezisenhliziyweni.


Ngokuba uyabazi abantu bamanga, lapho ebona inkohlakalo, akayukuyinaka yini na?


Umupha ukuvikeleka, ameseke; amehlo akhe asezindleleni zabo.


Ngokuba nguye owabeka imikhawulo yomhlaba, ubona konke okuphansi kwezulu.


ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengenkosi.


Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.


kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite