Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 31:39 - IsiZulu 2020

39 uma izithelo zawo engizidlile ngingazikhokhelanga, ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Uma ngidle izithelo zawo ngaphandle kwemali, noma bafe abanikazi bawo;

Gade chapit la Kopi




UJobe 31:39
11 Referans Kwoze  

Uyakuthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ubulele, wadla isivini, na?’ Bese ukhuluma kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNabothi, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.’ ”


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


“ ‘ “Bheka nje, yileso naleso sikhulu sakwa-Israyeli esasihlala kuwe, senza ngokusemandleni aso ukuba sichithe igazi.


Bhekani, uSimakade uyaphuma endaweni yakhe ukuba ajezise abakhileyo emhlabeni ngenxa yesiphambeko sabo. Umhlaba uzodalula igazi elichithwe kuwo, ungabe usabafihla ababulawelwe kuwo.


Zinjalo izindlela zabo bonke abathola inzuzo ngokungafanele; leyo nzuzo iyakuthatha impilo yomniniyo.


Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Bayavuna ifoliji ensimini, bayakhothoza esivinini sesikhohlakali.


Bahamba nqunu bengenazembatho, bathwale izithungo, belambile.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite