Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 31:26 - IsiZulu 2020

26 uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nokuthi inyanga ihamba icwazimula,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Lapho ngibona ilanga lapho likhanya, nenyanga ihamba ngokukhazimula;

Gade chapit la Kopi




UJobe 31:26
13 Referans Kwoze  

Wayesengingenisa egcekeni lendlu kaSimakade elaliphakathi; ngasemnyango wethempeli likaSimakade, phakathi komphemegumbi ne-althare, kwakukhona amadoda angama-25 efulathele ithempeli likaSimakade. Ubuso bawo babubheke empumalanga, ekhothamela ngasempumalanga, ekhonza ilanga.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe,


Kunalokho impela sizokwenza konke esikuthembisile ngemilomo yethu. Sizoyishisela impepho indlovukazi yezulu, siyethulele iminikelo yokuphuzwayo, njengoba besenza thina nokhokho bethu, amakhosi ethu, nezikhulu zethu, emizini yakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema. Ngokuba sasidla sisutha ukudla, singahlushwa yilutho.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda ayenikele ngawo kulo ilanga, ngasendleleni yokungena endlini kaSimakade, ngasekamelweni likaNathani Meleki, induna eyayisePhariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.


Yabulala abaphristi bezithombe, amakhosi akwaJuda ayebaqokile ukuba bashise impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda, nxazonke zeJerusalema, kanye nalabo ababeshisa impepho kuBhali, kulo ilanga, inyanga, izinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.


“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele,


Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.


inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,


Ngubani lo obukeka njengentathakusa, omuhle njengenyanga, okhanya njengelanga, ohlonipheka njengempi na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite